                               Uyini umbiko?

NgoNhlolanja ngo 1993 izinhlangano ze ANC, COSATU, SACP, ne SANCO
zahlanganisa amakhanda neqembu labantu ukubheka udaba lwemvelo eningizimu
Africa. Lokho kwabizwa ngokuthi iInternational Environmental Policy
Mission. Yona yayisekeiwa iInternationai Development Research Centre (IDRC)
e-Canada.

Bekuneshumi nambili lezithunywa kulekhomishani: abayisithupha baseNingizimu
Africa noyedwa wase Canada, India, Kenya, Malaysia, Uganda kanye
neZimbabwe. Kwakhukhona ababesikhashana base Ningizimu Afrika, kanye
nabaqeqeshwa, abathathu. amagama amalungu ekhomishani abhalwe ngemuva.
ikhomishani yahamba isizungeza iNingizimu Afrika ikhulumisana nabantu,
nemiphakathi nezinhlangano ngokuphathelene nezindaba zemvelo.

Izithunywa zabhala umbiko ongaphelele wawumayelana nalokho abakufundile
ekuhambeni kwabo ezweni.

Emuva kwesikhathi izithunywa zabamba imihlangano nemihlangano, amaqembu
nabanye babantu bexoxisana ngaloludaba. Bathula ipulani kumongameli
Mandela. Izithunywa zahlangana nongqongqoshe bakahulumeni bezezimboni,
izinyunyani, imikhandlu engeyonayenzuzo, ososayensi ngezemvelo, kanye
namasiviki.

Abantu abaningi babeka imibono yabo kumalungu ekhomishani mayelana nombiko
lo. Amalungu ekhomishane aloba umbiko wokngcina okungukuthi lengcwadi
iphethe lowombiko. Lokhu kwenziwe ngenjongo ukuze abantu basemzantsi Afrika
bakwazi ukuwufunda ngalemibiko.

Ichaza ukuba uhulumeni omusha, nabobonke abantu base ningizimu Afrika baba
sokuvikela imvelo yethu kahle.

Inhloso yalombiko ukuphakamisa kuhulumeni omusha, nabobonke abase Ningizimu
Afrika bakwazi ukubonelela ukuthi imvelo yethu ivikelekile.

Kuyini lokho lzithunywa ezifanele ukukwenza?

Ikhomishani yacelwa ukuba ibheke isikhathi samanje izokwazi ukubeka imibono
ngokwenkathi ezayo nge:

   * Imigomo nemisebenzi eningizimu Africa eziqondene nemvelo

   * Ukuhlelwa kwemigomo yemvelo

   * Ukubuka ezemvelo ukuthi zifakiwe yini emthethweni onokwenza
     njengasezingabeni ezifana njengezindlu, ulimo, ugesi ofakelwa abantu
     njll.

   * Kulula kangakanani ukuthola ukwaziswa ngezemvelo kubantu.

   * Ama programu ezemvelo akhokhelwa kanjani eningizimu Africa.

   * Imithetho evikela imvelo nokuthi ilungile yini lemithetho, kanye
     nokuba imithetho leyo mihe yini ngokwanele.

   * Ukuhlobana kwethu namanye amazwe ngezokuvikela imvelo.

lzithunywa ziye zabheka ukuthi imigomo yezemvelo nezinhlelo eNingizimu
Afrika kwanelisa izidingo zabesifazane nabasebenzi.

lzithunywa ziyezabheka imfundo ngezemvelo, nokuthi kube nolwazi olugcwele
nokuqeqesha kwabantu ngezemvelo.

  ------------------------------------------------------------------------
Okuphakathi
